UDuteronomi 21:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE amalunga alowo muzi asehlisele leso sithokazi esigodini esinamanzi ampompozayo, esingalinywanga, singatshalwanga, ayaphule intamo yesithokazi lapho esigodini; IsiZulu 2020 Amalunga alowo muzi ayokwehlisela isithole esigodini esinomfudlana ogelezayo, esingakaze silinywe noma kutshalwe kuso, bese ephula intamo yesithole khona lapho esigodini. Contemporary Zulu Bible 2024 Abadala balowo muzi kumelwe behlisele inkomo esigodini esimangelengele, esingakakhulelwanga noma singahlwanyelwanga, futhi kumelwe anqume intamo yenkomo lapho esigodini. |
kuze kuthi umuzi oseduze nobuleweyo, amalunga alowo muzi athathe isithokazi ezinkomeni okungasetshenzwanga ngaso, singadonsanga ejokeni,
abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;
Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,
“Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo, nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo,