UDuteronomi 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala, kepha abantwana bakwa-Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo, bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe, aphiwe lona nguJehova. IsiZulu 2020 AmaHori ayehlala lapho eSeyiri kuqala, ephucwa izwe lawo, abhujiswa phambi kwabo ngabozalo luka-Esawu, kwaba yibo abakha endaweni yawo, njengoba no-Israyeli enza ezweni eliyifa lakhe, aliphiwa nguSimakade. Contemporary Zulu Bible 2024 AmaHori ahlala eSeyiri kuqala; kepha abantwana bakwa-Esawu babalandela, babachitha phambi kwabo, bahamba bahlala endaweni yabo; njengalokho u-Israyeli enza ezweni lefa lakhe uJehova abanika lona. |
njengalokho ebenzela abantwana bakwa-Esawu ababehlala eSeyiri, lapho ewachitha amaHori phambi kwabo, bawaxosha, bahlala esikhundleni sawo kuze kube namuhla;
“USihoni waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa eJahasi.