“Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.
UDuteronomi 15:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kowezizwe ungakubiza, kepha noma yikuphi okwakho okukumfowenu, lokho isandla sakho siyakukuyekela. IsiZulu 2020 Ningakubiza kowezizwe, kodwa noma yini eyakho ekulowo wezwe lakini, uyakuyiyekelela. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumuntu ongamazi ungaphinda uyifune; |
“Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
Nansi indlela yoyekelo: Yilowo nalowo otshelekileyo uyakuyekela lokho akutshelekile umakhelwane wakhe; akayikukubiza kumakhelwane wakhe nakumfowabo, ngokuba uyekelo lukaJehova lumenyezelwe.
Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.
“Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.