UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
UDuteronomi 10:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga. IsiZulu 2020 “Ngahlala entabeni njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; uSimakade wangilalela nangaleso sikhathi, akathandanga ukunibhubhisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi uJehova wangilalela ngaleso sikhathi, futhi uJehova akathandanga ukunibhubhisa. |
UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.
UJehova wathi kuMose: “Ngiyakwenza nalokho okushiloyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.”
Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.
“Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye.
UJehova wayesethi kimi: ‘Vuka uhambe phambi kwabantu; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.’
“Ngawela phansi phambi kukaJehova lezo zinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa.