Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
UDuteronomi 1:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni. IsiZulu 2020 “Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba. Contemporary Zulu Bible 2024 Kungakho ngikhulume kini; anilalelanga, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, nakhuphuka intaba ngokugabadela. |
Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
Bavuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.”
Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqongweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.*
“ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.
“Nokho anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka esiyalezweni sikaJehova uNkulunkulu wenu;
Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.