Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi,
UDuteronomi 1:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE esenqobile uSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala e-Ashitaroti ngase-Edireyi. IsiZulu 2020 Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngemva kokubulala uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owayehlala e-Ashitaroti e-Edireyi. |
Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi,
“Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo; badla izwe likaSihoni, izwe lenkosi yaseHeshiboni, nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani.
uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.
Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lo mthetho ngokuthi:
“Ngase ngithuma izithunywa kuSihoni inkosi yaseHeshiboni, zisuka ehlane laseKedemoti, zinamazwi okuthula, ngokuthi:
“Sase siphenduka sakhuphuka ngendlela eya eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa ngase-Edireyi.
Sayichitha sayiqeda, njengalokho senza kuSihoni inkosi yaseHeshiboni, sichitha siqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane.
Balithatha izwe lakhe, balidla kanye nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,