UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.
UDaniyeli 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngomnyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eJerusalema, walivimbezela. IsiZulu 2020 Ngonyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema, walivimbezela. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi inkosi yakwaJuda, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wafika eJerusalema walivimbezela. |
UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.
Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.
Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”
Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ongumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele,
Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:
Kwathi lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, enyukele ezweni, sathi: ‘Siyakuya nokuya eJerusalema, sisuke empini yamaKaledi nasempini yama-Aramu.’ Sase sakha-ke eJerusalema.”
Kwathi ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, leli zwi lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
Izwi uJeremiya, umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya, ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lokuthi:
Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele, izwe lamaKaledi, ngesandla sikaJeremiya umprofethi.
Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.
Nampa abantu uNebukadinesari abathumbayo: ngomnyaka wesikhombisa abaJuda abayizinkulungwane ezintathu namashumi amabili nantathu,
Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?