IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni. IsiZulu 2020 Madodakazi aseJerusalema, ngimnyama kodwa ngimuhle. Nginjengamathende akwaKhedari, nanjengamakhethini kaSolomoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni. |
Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.
Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabesifazane bakho abadumileyo; inkosikazi imi ngakwesokunene sakho, ihlobe igolide lase-Ofiri.
Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu, umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.
Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
Yenza izinsika zalo ngesiliva, nephansi lalo ngegolide, nesihlalo salo ngokububende, ubuphakathi balo bugandaywe ngothando lwamadodakazi aseJerusalema.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
Izindebe zakho zinjengomucu obomvu, umlomo wakho muhle; izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.
Umlomo wakhe umnandi, uyanxaneleka wonke; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, uma nimfumana othandiweyo wami, ukuba nimtshele ukuthi ngiyafa uthando.
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,
Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.
Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe, nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza, zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami, ngiyidumise indlu yodumo lwami.
Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.
Igama lakho laphumela ezizweni ngobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngemihlobiso engangiyibeke kuwe, isho iNkosi uJehova.
“ ‘I-Arabiya nazo zonke izikhulu zaseKedari zazingabathengi besandla sakho; zazingabathengi bakho ngamawundlu, nangezinqama, nangezimpongo.
Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.
“Kuthe inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado;
“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.
“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,
Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.