Obadiya 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme, othi enhliziyweni yakho: Ngubani ongangehlisela phansi na? IsiZulu 2020 Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlala emifantwini yamadwala, ondawo yakho iphezulu, othi enhliziyweni yakho: Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile, wena ohlala emifantwini yedwala, okhaya lakho liphakeme; othi enhliziyweni yakhe: “Ngubani oyakungehlisela phansi na? |
Wabulala ku-Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.
U-Amasiya waziqinisa, wahola abantu bakhe, waya esiGodini Sikasawoti, wabulala abantwana baseSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi.
Abayizinkulungwane eziyishumi bathunjwa ngabantwana bakwaJuda besezwa, babayisa esiqongweni sesiwa, babaphonsa phansi besesiqongweni sesiwa, baphihlizeka bonke.
Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,
Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya; ukuthobeka kwandulela udumo.
Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
Bheka, ngimelene nawe, wena owakhileyo esigodini, wena litshe lasethafeni, usho uJehova, nina enithi: “Ngubani oyakusehlela, ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?”
“Usho kanje uJehova, uthi: Ningazikhohlisi ngokuthi: ‘AmaKaledi ayakusuka nokusuka kithi;’ ngokuba awayikusuka.
Shiyani imizi, nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi, nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.
Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
Uzidumiselani ngezigodi, isigodi sakho esichichimayo, wena ndodakazi ehlubukayo, othemba engcebeni yakho ngokuthi: ‘Ngubani ongehlela mina, na?’
Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile; ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu, ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo, ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.
Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.