UJehova wathi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”
Obadiya 1:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova. IsiZulu 2020 Abahlengi bayakukhuphukela entabeni iZiyoni, babuse elezintaba kwa-Esawu. Umbuso uyakuba ngokaSimakade. Contemporary Zulu Bible 2024 Abasindisi bayokhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuze bahlulele intaba ka-Esawu; futhi umbuso uyakuba ngokaJehova. |
UJehova wathi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”
UJehova wanika u-Israyeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.
Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.
Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova, amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.
Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe, naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.
Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela*
Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe, ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.
Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza, nelanga elinkemuzelayo liyakujabha, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.
Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.
“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.
Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’
Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.
ngenze abaqhugayo babe yinsali, abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.
UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.
ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’
ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezo zinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.
yazini ukuthi obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.
Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”
Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.
Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.