Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.
Mathewu 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, abathile kubabhali bathi phakathi kwabo: “Lo uyahlambalaza.” IsiZulu 2020 Abathile kuzazimthetho bakhuluma bodwa, bathi: “Lo muntu uyahlambalaza.” Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, abanye bababhali bathi phakathi kwabo: “Lo uyahlambalaza; Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, abanye bababhali bathi phakathi kwabo: “Lo uyahlambalaza; |
Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.
“ ‘Kepha okwenza ngesandla esiphakemeyo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, uyamhlambalaza uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe.
Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho,
kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.”
ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala,
Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”