u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe;
Mathewu 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya, azalwa nguye uJesu othiwa uKristu. IsiZulu 2020 uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya; yena wazala uJesu okuthiwa uKhristu. Baasraak Zulu New Testament Bible uJakobe wazala uJosefa indoda kaMariya, okwazalwa ngaye uJesu, othiwa uKristu. Contemporary Zulu Bible 2024 uJakobe wazala uJosefa indoda kaMariya, okwazalwa ngaye uJesu, othiwa uKristu. |
u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe;
USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”
Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.”
Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?”
UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”
Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?” Base bekhubeka ngaye.
entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya.
Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.”
Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.
Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli
Bonke bamfakazela bemangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?”
Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.”