Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.
KwabaseFilipi 1:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini. IsiZulu 2020 ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKhristu uJesu ngobukhona bami futhi kini. Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze ukuthokoza kwenu kwengezelelwe kuKristu Jesu ngami ngokubuya kwami kini. Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze ukuthokoza kwenu kwengezelelwe kuKristu Jesu ngami ngokubuya kwami kini. |
Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.
Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona.
Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.
njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu, njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.
Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzibonga ngathi, ukuze nibe nakho okokuphendula abazibongayo ngokusemehlweni kungesikho okusenhliziyweni.
ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani, angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso.
Nginesibindi esikhulu ngani, nginokuzibonga okukhulu ngani; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo.
Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,
Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.
Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,
Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba.