“Umuntu angaba yinsizakalo kuNkulunkulu ukuba ohlakaniphileyo abe nosizo kuye na?
KuThithu 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu; IsiZulu 2020 Lithembekile leli lizwi: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu, Baasraak Zulu New Testament Bible Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu. |
“Umuntu angaba yinsizakalo kuNkulunkulu ukuba ohlakaniphileyo abe nosizo kuye na?
“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.
Kodwa bathi kuyo: “Uyahlanya.” Yona yaqinisa yathi: “Hhayi, kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.”
kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga,
Lokhu sinawo lo moya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma,” nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,
Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.
Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo;
Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.
ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.
ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.
obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha,
Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,
Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.
enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.