U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo.
KuThithu 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana. IsiZulu 2020 Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana. |
U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo.
Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.
Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi; nani ziwula, manibe nenhliziyo eqondileyo.
Udla umlotha; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi: “Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”
Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme, othi enhliziyweni yakho: Ngubani ongangehlisela phansi na?
Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli.
UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.
Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,
Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo
Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,
Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,
Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.
Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo,
Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.
uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,
Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.
Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.
Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo, sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.
Yamemeza ngezwi elinamandla, yathi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, selibe yindawo yokuhlala amademoni, nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,