KuThithu 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo, IsiZulu 2020 Kanjalo bayale nabesilisa abasebasha ukuba babe ngabanengqondo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokunjalo amajaha ayale ukuthi ahluze. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokunjalo amajaha ayale ukuthi ahluze. |
Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.
Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;”
“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;
Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu,
Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi.