Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
KuThithu 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba umbonisi umelwe ukuba abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, ongaziqhenyi, ongesiso isififane, ongesiso isiphuzi, ongesiso isilwi, ongesiye ohahela inzuzo embi, IsiZulu 2020 Ngokuba kubalulekile ukuba umphathi abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, angabi ngoziqhenyayo, oshesha ukuthukuthela, oyinkolotshe, oyisidlova, ohahela inzuzo embi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba umbonisi umelwe ukuba ngongasolekiyo, njengomphathi kaNkulunkulu; ongesiye othanda ubugovu, ongasheshi ukuthukuthela, ongadakwa, ongashayi, ongesiye inzuzo embi; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba umbonisi umelwe ukuba ngongasolekiyo, njengomphathi kaNkulunkulu; ongesiye othanda ubugovu, ongasheshi ukuthukuthela, ongadakwa, ongashayi, ongesiye inzuzo embi; |
Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana, kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.
Nalabo baduka ngewayini; ngophuzo olunamandla bayatengezela; abapristi nabaprofethi bayaduka ngophuzo olunamandla, bayatengezela ngophuzo olunamandla; bayaduka ekuboneni, bakhubeka ekwahluleleni.
“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
“Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?
Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?
OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:*
Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo, umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala,
kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle,
nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu;
Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,
ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,