‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’
KuThithu 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omunye kubona, umprofethi wakubo, washo wathi: “AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, iziminzi ezivilaphayo.” IsiZulu 2020 Omunye wabo, umphrofethi wakubo, wathi: “AbaseKhrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, neziminzi ezivilaphayo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Omunye wabo, umprofethi wakubo, wathi: AmaKrethe ahlala eqamba amanga, izilwane ezimbi, izisu ezimnene. Contemporary Zulu Bible 2024 Omunye wabo, umprofethi wakubo, wathi: AmaKrethe ahlala eqamba amanga, izilwane ezimbi, izisu ezimnene. |
‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’
nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.”
Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika.
Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe.
Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone,
ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.
abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.
Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo, umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala,
Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,
beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,