Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kwathi besakhuluma nabantu, kwatheleka abaphristi nenduna yethempeli nabaSadusi,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwathi besakhuluma ebantwini, abapristi lenduna yethempeli labaSadusi beza phezu kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi besakhuluma ebantwini, abapristi lenduna yethempeli labaSadusi beza phezu kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 4:1
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.


Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi:


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela.


Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo.


Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: ‘Inceku ayinkulu kunenkosi yayo.’ Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begcina izwi lami, nelenu bayakuligcina.


Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali.


no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu,


Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,


Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?


Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe.


bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini;


Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.