Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
IzEnzo 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona labo ababebuthene bambuza bathi: “Nkosi, usawubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” IsiZulu 2020 Labo ababebuthene lapho bambuza bathi: “Nkosi, uzowubuyisela yini umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Sebebuthene bambuza, bathi: “Nkosi, uyawubuyisela ngalesi sikhathi umbuso ku-Israyeli na? Contemporary Zulu Bible 2024 Sebebuthene bambuza, bathi: “Nkosi, uyawubuyisela ngalesi sikhathi umbuso ku-Israyeli na? |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni, andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga, uMuzi Othembekileyo.”
ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”
Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’
Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*
“Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,
“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”
Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
Yena wathi kuye: “Ufunani na?” Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.”
Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba yini na?”
Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?
Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.
Kuthe ukuba bakuzwe lokho, weleka walandisa umfanekiso, ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.