IsiLilo 5:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba usilahlile nokusilahla, wasithukuthelela kakhulu. IsiZulu 2020 ngaphandle uma ususilahle unomphelo, wasithukuthelela kakhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wena usilahlile ngokupheleleyo; usithukuthelele kakhulu. |
Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.
Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na? Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?
Koze kube nini, Jehova, uthukuthele njalo, ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?
Ungathukutheli kakhulu, Jehova, ungakhumbuli njalo ububi. Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.
Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.
Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.
“ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli; bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sinqunyiwe.’
Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama,* ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele.