Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.
IsiLilo 4:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini, bengcolile ngegazi ngangokuba zazingenakuthintwa izingubo zabo. IsiZulu 2020 Babephuphutheka, bezulazula emigwaqweni, bengcoliswe yigazi ngangokuthi akekho owayengathinta izingubo zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini, bazingcolisa ngegazi, ukuze abantu bangabe besathinta izingubo zabo. |
Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.
Bonke abalindi bayizimpumputhe, abanakwazi; bonke bayizinja eziyizimungulu, abakwazi ukukhonkotha, balala bephupha, bathanda ukozela.
Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu
Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu, abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: “Uyakufa nokufa.
Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.
“Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi.
Ngiyakucindezela abantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.
“ ‘Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba, noma isidumbu, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
“ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.
Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”
behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,