Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
IsiLilo 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungibiyele ukuze ngingaphumi, wenza amaketanga ami ukuba asinde. IsiZulu 2020 Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka, wangibopha ngamaketanga asindayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ungibiyele ngothango, ukuze ngingakwazi ukuphuma; Wenza iketango lami laba nzima. |
Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.
Iso lami liyafa ngosizi; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke, ngizelulela izandla zami kuwe.
Zase zimthatha uJeremiya, zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo, bamehlisa uJeremiya ngezintambo. Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.
Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho. Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele, woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.”
“Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe, zaba yijoka; zalukwa, sezisentanyeni yami; wakhubekisa amandla ami. INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.
Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabahluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.
Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva, ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.