UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.
IsiLilo 3:65 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakubanika isimbozo senhliziyo, isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo. IsiZulu 2020 Bashaye ngobumpumputhe, udide imiqondo yabo, beka isiqalekiso sakho phezu kwabo! Contemporary Zulu Bible 2024 Banike ukudabuka kwenhliziyo, isiqalekiso sakho phezu kwabo. |
UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.
Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale, nezindlebe zabo zibe buthuntu, ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”
Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.