Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 2:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

30 Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe ukuba amnikele esandleni sakho, njengokuba kubonakala namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 2:30
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi ayilalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuJehova, ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.


Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.


OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.


UJehova wathi kuMose: “Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.


UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe.


Ngokuba bengazi ukuthi unenkani, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi,


Uyakubanika isimbozo senhliziyo, isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo.


USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.


Baphenduka, bakhuphuka ngendlela yaseBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma, wabasukela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuyokulwa ngase-Edireyi.


UJehova wathi kuMose: “Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.”


“UJehova wayesethi kimi: ‘Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.’


Kodwa uSihoni akamethembanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe; kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, wamisa eJahasi, walwa no-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka