Wayesethi uRaheli: “UNkulunkulu ungahlulele, futhi wezwa izwi lami: wangipha indodana,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.
IsiLilo 3:59 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, uyabona ukoniwa kwami; thetha indaba yami. IsiZulu 2020 Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi; yehlulela, ungimelele. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, ukubonile ukungalungi kwami; yahlulelani icala lami. |
Wayesethi uRaheli: “UNkulunkulu ungahlulele, futhi wezwa izwi lami: wangipha indodana,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.
Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze. UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.”
Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.
Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.
Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami, umele icala lami.
Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.
ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami, uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.
Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.
owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga;