Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiLilo 3:56 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wezwa izwi lami; ungasithezi indlebe yakho lapho ngikhalela ukusizwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Walizwa izwi lami; ungafihli indlebe yakho ekuphefumuleni kwami, ekukhaleni kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiLilo 3:56
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.


Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.


baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.


Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela*


Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.


Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe.


Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.


Lalela, Nkulunkulu, umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami.


Uyawuhlenga umphefumulo wami ngokuthula, bangasondeli kimi, ngokuba baningi abamelene nami.


Ngizwele, ungiphendule; ngiyayaluza ekukhaleni kwami, ngiyabubula


Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.


“Hamba, uthi kuHezekiya: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.


“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.


Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;