IsiLilo 3:48 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iso lami liyamululeka imifula yamanzi ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami. IsiZulu 2020 Kugobhoza imifula yezinyembezi emehlweni ami, ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami. Contemporary Zulu Bible 2024 Iso lami liyageleza emifuleni yamanzi ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami. |
Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.
Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.
Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.
basheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi, nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.
“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”
Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.
Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni, izinyembezi mazehle njengemifula imini nobusuku. Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.