Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”
IsiLilo 3:37 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na? IsiZulu 2020 Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ngubani othi, kwenzeke, uma iNkosi ingakuyali na? |
Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”
Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi, yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.”
Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”
Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.
Wayesethi kubo: “Makabe nani-ke uJehova, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,
Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.
bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”
Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.”
kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,