Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.
IsiLilo 3:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye. IsiZulu 2020 Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.” Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye. |
Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.
Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.
U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye.
Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”
Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.
Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*
Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.
Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke, yebo, nesizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
Futhi u-Isaya uthi: “Kuyakuba khona impande kaJesayi, yena oyakuvuka abuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.”
Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile kuso.
enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.
UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.