owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;
IsiLilo 3:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. IsiZulu 2020 Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Zintsha njalo ekuseni: kukhulu ukuthembeka kwakho. |
owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;
Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.
Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.
UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,
Jehova, yiba nomusa kithi, sihlalela wena. Yiba yingalo yethu ekuseni njalo, nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.
UJehova ulungile phakathi kwawo, akenzi okubi; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni, akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni.
ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade,
masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;
ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,