Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
IsiLilo 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngingumuntu obone ukuhlupheka ngentonga yentukuthelo yakhe. IsiZulu 2020 Ngingumuntu ohlupheke kakhulu, uNkulunkulu ungijezisile ngentukuthelo yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngingumuntu owabona usizi ngentonga yolaka lwakhe. |
Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.
Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*
Yayideleliwe, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu owazi ukugula; yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.
Zase zimthatha uJeremiya, zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo, bamehlisa uJeremiya ngezintambo. Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.
abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi, nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yabalindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya,
Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.