Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.
IsAmbulo 8:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibona, ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!” IsiZulu 2020 Ngase ngibona, futhi ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kulabo abakhileyo emhlabeni, lapho sekukhala amacilongo asasele, njengoba izingelosi ezintathu zizakuwabetha!” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngasengibona, ngezwa ingilosi indiza emkhathini wezulu, isithi ngelizwi elikhulu: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngenxa yokukhala kwecilongo lezingilosi ezintathu ezisekhona ukuzwakala! Contemporary Zulu Bible 2024 Ngasengibona, ngezwa ingilosi indiza emkhathini wezulu, isithi ngelizwi elikhulu: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngenxa yokukhala kwecilongo lezingilosi ezintathu ezisekhona ukuzwakala! |
Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.
Waweneka phambi kwami; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle, kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: “Maye!”
Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?
Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”
Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.
Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu,
Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu
Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.
Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.
Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.