IsAmbulo 6:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.” IsiZulu 2020 Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini. |
Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
nangaphambi kwesihlalo sobukhosi kukhona okunjengolwandle lwengilazi lufana nekristalu,* nangaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva.
Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.”
yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.”
Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.