Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.
IsAmbulo 22:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto. IsiZulu 2020 Mina Johane nginguye owezwa, nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, ngabona, ngathi mbo phansi ngobuso ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombise lezo zinto. Baasraak Zulu New Testament Bible Mina Johane ngabona lezizinto nozizwayo. Kwathi sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi eyayingibonise lezi zinto. Contemporary Zulu Bible 2024 Mina Johane ngabona lezizinto nozizwayo. Kwathi sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi eyayingibonise lezi zinto. |
Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.
Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyane, ethuma ngengelosi yakhe, esibonakalisa encekwini yakhe uJohane
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”
Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe.