Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
IsAmbulo 22:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze. IsiZulu 2020 Yathi kimi: “Amazwi esiphrofetho sale ncwadi ungawavali ngophawu, ngokuba isikhathi siseduze. Baasraak Zulu New Testament Bible Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze. Contemporary Zulu Bible 2024 Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze. |
Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga, bangabe besafanisa ngaso kwa-Israyeli,’ kepha khuluma kubo ngokuthi: ‘Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke.
Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”
Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.
“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”
Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.
Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.
Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.
Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,
Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;
lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”
Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.
Nalapho imidumo eyisikhombisa isikhulumile, ngase ngizakuloba; kepha ngezwa izwi livela ezulwini, lithi: “Namathisela ngophawu okukhulunywe yimidumo eyisikhombisa, kodwa ungakulobi.”
“Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”
Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi;
Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi ale ncwadi; khuleka kuNkulunkulu.”
Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.