IsAmbulo 20:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. IsiZulu 2020 Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, esandleni sayo iphethe isihluthulelo sakwalasha neketango elikhulu esandleni sayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. |
Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,
nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,
nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.
yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.