Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.
IsAmbulo 2:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga. IsiZulu 2020 Wakhuthazela, futhi wabekezela ngenxa yegama lami; awuzange ukhathale. Baasraak Zulu New Testament Bible wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla. Contemporary Zulu Bible 2024 wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla. |
Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.
Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.
Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe.
USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.”
Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini.
labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade;
lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
singazibongi ngemisebenzi yabanye ngaphezu kokulinganisa, kepha sinethemba lokuthi ngokukhula kokukholwa kwenu, siyakukhuliswa kakhulu impela kini endaweni yethu,
Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya – ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.
Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
Ngalokho futhi, noma sisekhaya noma sahlukene nalo, sihlose ukuba sibe ngabathandeka kuye.
nasekushayweni, nasekuboshweni, naseziyaluyalwini, nasekukhandlekeni, nasekuqwasheni, nasekuzileni ukudla,
Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.
Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.
niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;
sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu,
Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.
Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo,
Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.
asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini,
ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.
Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.
Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.
Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,
Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.
ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.
nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu,
Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.
Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.