IsAmbulo 2:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela. IsiZulu 2020 “ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo. |
UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha, ufake iyomere* eligcweleyo lemana, ukubeke phambi kukaJehova, kulondolozelwe izizukulwane zenu.”
Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi: “Abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami
bona ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa.
Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho, namakhosi onke inkazimulo yakho; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.
Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: “Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyakoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kepha nina niyakujabha;
Niyakulishiya igama lenu libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uJehova inibulale, izibize izinceku zayo ngelinye igama,
Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.
Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.
Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.
Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI
“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.
“Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila oseParadisi* likaNkulunkulu.