ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.
Ngokuba izono zalo sezifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.
Ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu ukhumbulile ukungalungi kwalo.
Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.
ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.
“Besiyakuliphilisa iBabele, kepha aliphiliswanga; lishiyeni, masihambe siye, kube yilowo nalowo ezweni lakubo, ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyisiwe nasemafwini.
“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.”
Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.