Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 18:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Abahwebi balezi zinto, abaceba ngokuhwebelana nalo, bayakumela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala, belila,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Abathengisi balezo zinto abacetshiswa ngalo bayakuma kude ngokwesaba ukuhlushwa kwalo, bekhala belila;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abathengisi balezo zinto abacetshiswa ngalo bayakuma kude ngokwesaba ukuhlushwa kwalo, bekhala belila;

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 18:15
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

baziphucule izimpandla ngenxa yakho, babhince izindwangu zamasaka, bakukhalele izinyembezi ngomunyu womphefumulo.


ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli.


Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”


Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,


impahla yegolide neyesiliva, namatshe anenani, namaparele*, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu, nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe,


nokinamona,* nokunephunga elimnandi, nempepho, namafutha okuqhola, nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu.


“Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe.


Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile!


ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.”