IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehova eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe ziyahlanya.
IsAmbulo 17:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.” IsiZulu 2020 afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.” Baasraak Zulu New Testament Bible amakhosi omhlaba aphinge nayo, nabakhileyo emhlabeni badakwa ngewayini lobufebe bayo. Contemporary Zulu Bible 2024 amakhosi omhlaba aphinge nayo, nabakhileyo emhlabeni badakwa ngewayini lobufebe bayo. |
IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehova eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe ziyahlanya.
ngenxa yobuningi bobufebe besifebe esibukekayo, umnikazi wokulumba, esithengisa izizwe ngobufebe baso, nemindeni ngamalumbo aso.
“Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.”
Yayisilandela enye ingelosi, ithi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lolaka lobufebe balo.”
ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.
nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA
Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala, labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona, kepha asisekho, kanti sizakuba khona.
nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho,
ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.”
“Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo,
Bheka, ngiyamphonsa embhedeni, nabaphinga naye ngibaphonsa ekuhluphekeni okukhulu, uma bengaphenduki emisebenzini yakhe;
Ngokuba ulilondile izwi lokubekezela kwami, nami-ke ngiyakukulonda ngehora lokulingwa eliyakufika ezweni lonke lokulinga bonke abakhileyo emhlabeni.
futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.