Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza, nelanga elinkemuzelayo liyakujabha, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.
IsAmbulo 16:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. IsiZulu 2020 Ingelosi yesine yathululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. Baasraak Zulu New Testament Bible Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni; lanikwa amandla okutshisa abantu ngomlilo. Contemporary Zulu Bible 2024 Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni; lanikwa amandla okutshisa abantu ngomlilo. |
Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza, nelanga elinkemuzelayo liyakujabha, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.
Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi.
Nenye ingelosi futhi yaphuma e-altare, inamandla phezu komlilo, yamemeza ngezwi elikhulu kuyo ebinesikela elibukhali, ithi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba, ngokuba izithelo zomvini zivuthiwe.”
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,
Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo.
Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.