Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu, weza ukulwa esigodini saseMegido.
IsAmbulo 16:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni. IsiZulu 2020 Wayesebahlanganisela endaweni ebizwa ngesiHebheru ukuthi iHarmagedoni. Baasraak Zulu New Testament Bible Wabahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iArmagedoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iArmagedoni. |
Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu, weza ukulwa esigodini saseMegido.
Ngalolo suku kuyakuba khona ukulila okukhulu eJerusalema njengokulila kweHadadi Rimoni esigodini saseMegidoni.
Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.
Waphuma ezithwalele isiphambano, waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha.
Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.
kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’
Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”
Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.
Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini, nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.’ ”
“Amakhosi afika alwa, alwa amakhosi aseKhanani eThahanaki ngasemanzini aseMegido; awathathanga nzuzo yamali.