Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
Hoseya 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Israyeli ukulahlile okuhle; isitha siyakumxosha. IsiZulu 2020 U-Israyeli ukwenqabile okuhle; isitha siyakumxosha. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Israyeli walahla okuhle; isitha siyakumxosha. |
Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
Uyakubaxosha ngentukuthelo, ubabhubhise, bangabe besaba khona phansi kwezulu likaJehova.
Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu; basizingela ezintabeni, basiqamekela ehlane.
Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe.
“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wagcina ulaka lwakhe, wayilondoloza intukuthelo yakhe.
“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.