Hoseya 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho bayakuba njengamafu okusa, nanjengamazolo amuka ekuseni, nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele. IsiZulu 2020 Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho bayakuba njengefu lokusa, nanjengamazolo asekuseni adlula, namakhoba apheshulwa esibuyeni, nanjengomusi ophuma kushimula. |
Ingebhe ithululwa phezu kwami; njengomoya luyaxoshwa udumo lwami; inhlalakahle yami iyadlula njengefu.
Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.
Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi, kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.
Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.
“Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda, na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.
isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.