UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.
Hoseya 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama,* ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele. IsiZulu 2020 UGomeri wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. USimakade wathi kuHoziya: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ruhama,’ ngokuba angisayukuphinde futhi ngiyizwele indlu yakwa-Israyeli ukuba impela ngibathethelele. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. UNkulunkulu wathi kuye: “Mbize ngokuthi uLoruhama, ngokuba angisayikuba nomusa kuyo indlu yakwa-Israyeli; kodwa ngizabasusa ngokupheleleyo. |
UJehova wala yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlupha, wayinikela esandleni sabaphangi, waze wayilahla ebusweni bakhe.
Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.
Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.
Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”
UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.” Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.
“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.
ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.