“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”
Esteri 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo. IsiZulu 2020 KumaJuda kwakunokukhanya, nenjabulo, nentokozo, nokuhlonipheka. Contemporary Zulu Bible 2024 AmaJuda athola ukukhanya, intokozo lenjabulo lodumo. |
“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”
Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.
UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.
Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.
ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.
Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.
Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela.
Lapho abalungileyo bethokoza, udumo lukhulu, kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.
Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.