Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

KumaJuda kwakunokukhanya, nenjabulo, nentokozo, nokuhlonipheka.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

AmaJuda athola ukukhanya, intokozo lenjabulo lodumo.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 8:16
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.


Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni: umusa, nobubele, nokulunga.


UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.


Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.


ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.


Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.


Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho bebhubha, kukhona ukwenanela.


Lapho abalungileyo bethokoza, udumo lukhulu, kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.