Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ithe ukuba inkosi ibone indlovukazi u-Esteri imi egcekeni, yaba nomusa kuyo. Yayikhomba ngentonga yegolide eyayiyiphethe ngesandla. U-Esteri waya kuyo, wathinta isihloko sentonga yobukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho inkosi ibona u-Esteri indlovukazi emi egcekeni, wazuza umusa emehlweni ayo; inkosi yelulela u-Esteri intonga yegolide eyayisesandleni sayo. Khona-ke u-Esteri wasondela wathinta isihloko sentonga yobukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 5:2
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli,* ngokuba ulwile noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”


Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamelise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.” Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.


Intombi yayiyinhle emehlweni akhe, yafumana umusa kuye; washesha wayinika izinto zokuqhola, nezabelo zayo, nezintombi eziyisikhombisa ezazikhethelwe yona zivela endlini yenkosi, wayiyisa yona nezintombi zayo endaweni enhle yendlu yabesifazane.


Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.


Inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide. Wayesesukuma u-Esteri, wema phambi kwenkosi.


Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.