Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.
Esteri 3:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa, ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi. IsiZulu 2020 Wakubona kungenele ukuthi enzakalise uMoridekhayi kuphela, ngoba wayesezwile ukuthi ungumJuda, wenza icebo lokubulala bonke abaJuda, abantu bakubo kaMoridekhayi ababehlala embusweni ka-Ahasheveroshi. Contemporary Zulu Bible 2024 Wadelela ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa; ngoba bamvumela ukuthi abone abantu bakaMoridegayi; ngalokho uHamani wazama ukubhubhisa bonke abaJuda ababesembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, abantu bakaMoridegayi. |
Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.
kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.
Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”
“Awunakanga yini abakukhulumileyo laba bantu, bethi: ‘Imindeni yomibili ayikhethayo uyilahlile’ na? Base bebadelela abantu bami, baze bangabe besaba yisizwe ngaphambi kwabo.
Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”